i-Tomas Choir Linköping Sweden iyanamukela

1999-01-17
iTomaskryka, Linköping.

Isonto iTomaskryka lasungulwa futhi lavulwa ngo 1993. iTomaskryka emva kokuvulwa yabe isisungula ikhwaya yesonto eyaziwa gonkuthi i-Tomaskören ngo 1993.

i-Tomaskören icula amaculo ngolimi lamaSwidi. Namaculo angezinye izilimi njenge Latin ne Taizé bayawacula.

i-Tomaskryka ise Linköping. i-Linköping ingama 200km eningizimu yenhloko dolobha yaseSwidini i-Stockholm.

Uma ikhwaya lakho linenhloso yokuvakhasha eSwidini noma kukhona ofuna ukukwazi ngesonto noma ngekhwaya yethu ungasishayela ucingo noma usibhalele ekhelini elingezansi.